Isiteshi sokuhlola izimoto kuyisenta ehlola izimoto ibesikhipha isitifiketi sobufakazi bokuthi leyomoto inelungelo lokusebenzisa imigwaqo yomphakathi. Kuneziteshi zangasese abantu abazakhele zona, kanti futhi kuneziteshi ezilawulwa nguhulumeni. Zonke Iziteshi sokuhlola izimoto kumele ukuthi zibhaliswe zinikezwe izigaba ngaphambi kokuthi zikhipha izitifiketi zobufakazi bokuthi izimoto zinelungelo lokusebenzisa imigwaqo yomphakathi. Kuyothi ngenkathi bathola incwadi yokufaka isicelo sokubhalisa, abegatsha lezothutho besifundazwe, bazothumela abahloli ukuyohlola leyondawo efuna ukubhaliswa ukuthi ngabe isezingeni elifanele yini ukuthi ibhaliswe ngokuya ngomthetho wakwa SABS.
Izinga elifunekayo yimishini eyiyona yokuhlola izimoto, kanye nemfundo abafunde bafika kuyo labo abahlola izimoto.
Iziteshi zokuhlola izimoto zigunyazwe ukuhlola izimoto ezisesigabeni abanikezwe sona kuphela.
Ukuze ubhalise isiteshi sokuhlola izimoto sangasese, thintana nehhovisi labaphethe izimoto ezihamba emgwaqweni eliseduze nawe, bakunikeze ulwazi olunzulu.
Gcwalisa ifomu TS1, elokufaka isicelo sokubhalisa isiteshi sokuhlola izimoto ehhovisi labaphethe izimoto ezihamba emgwaqweni eliseduze nawe.
Thumela incwadi yomazisi wakho kanye nomazisi walabo abaphethe leyondawo oyibhalisayo.
Kungenzeka ucelwe ukuthi uthumele amanye amaphepha njengokusho kwelungu lesigungu sekhansela.
Khokha imali enqunyiwe.
Kungathatha izinyanga eziyisithupha ukubhalisa isiteshi sakho.
